http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=5705565
Abantu bafuna abezindaba babike ngenkululeko
October 28, 2010 Edition 1
NQOBILE MASIMULA
BASABISE ngokubuyela emgwaqeni bamashe zonke izinsuku uma izikhalo zabo zingezwakali abagqugquzeli |be-Right2Know, okuwumkhankaso okuhloswe ngawo ukuphikisa umthethosivivinywa wokufihlwa kolwazi.
Laba bantu abalinganiselwa emakhulwini amathathu bebegcwele izitaladi zeTheku izolo bebhikisha njengengxenye yalo mkhankaso osabalele ezweni lonke.
Omunye wabagqugquzeli balo mkhankaso, uMnuz Desmond D'sa, uthe imashi ihehe abantu abasemazingeni ahlukene empilo kwazise ukuthi kuzobathinta bonke abantu ukuphasiswa kwalo mthetho.